"Isayinkinga Indaba Yezimayini Ezingekho Emthethweni"- Cyril ...

5 Feb 2024
Cyril Ramaphosa

By:  Buhle Mbhele

Umengameli uCyril Ramaphosa useveze ukuthi iningi labantu ababandakanyeka ebugebengwini bezimayini ezingekho emthethweni, osomabhizinisi abaqavile futhi abangasibona bakuleli.

Uthi uhulumeni usungule ithimba lamaphoyisa kanye nabanye bomthetho ukubhekana ngqo nalesihlava esesibe nomthelela omubi kwezomnotho wakueli, nokubeka imiphakathi eyakhelene nalezimayini engcupheni.

URamaphosa usho lokhu ethula inkulumo yakhe engqungqutheleni i-Mining Indaba, neqhubeka eKapa namhlanje.

Uthi abanye abasolwa ngokubandakanyeka kulokhu, baphenywa ngamacala ahlukene kumanje, kanti uhulumeni usaqhubeka nomsebenzi wokuvikela umnotho kanye nabantu bakuleli.

You may also like
Continue reading
Read more
Similar news